Izombusazwe (ezepolitiki) eWestern Cape ziyisixakaxaka kakhulu kuneziningi izifundazwe zaseNingizimu Afrika, ngoba, kazifani nezinye izifundazwe lapho khona i-African National Congress (ANC) engabusi khona nokuba nesimo sokwengamela ezepolitiki.
Okhethweni luka-2004, alikho iqembu elathola iningi lamavoti kwisifundazwe (kwiprovinsi), kwathi i-ANC yathola amavoti angama-45%. Kodwa-ke, i-ANC yayibambisene neNew National National Party (NNP), eyayinamavoti ayi-11%, lokhu okwenza ukuthi i-ANC-NNP zibumbe uhulumeni wobambiswano ukwakha uhulumeni wesifundazwe. Ngesikhathi sokuwela kwamalunga epolitiki kwamanye amaqembu ngo- 2005 onke amalungu e-NNP ePhalamende Lesifundazwe awelela ku-ANC, lokhu okwanikeza i-ANC iningi lamalunga esifundazweni (kwiprovinsi). I-ANC yakhetha u-Ebrahim Rasool njengoNdunankulu; ngonyaka ka-2008 isikhundla sakhe sathathwa nguLynne Brown. Umholi we-ANC esifundazweni kwakunguMcebisi Skwatsha .
Iqembu eliphikisano eNtshonalanga Kapa ngemuva kokhetho lwango-2004 kwaba yiDemocratic Alliance (DA), eyathola amavoti angama-27% okhethweni lwesifundazwe. Idolobhakazi laseCape Town, okungumasipala onabantu abaningi esifundazweni, wawubuswa ngamaqembu ngokuhlanganyela ayeholwa yi-DA ngemuva kokhetho lomasipala lwango-2006 . I-DA yanyusa isabelo sayo samavoti okhethweni lomasipala lwango - 2011 ukufinyelela kuma-61.09%, lokhu okwanikeza iDA iningi lamavoti futhi lokhu kwavumela ukuthi iDA ibuse uMkhandlu waseCape Town ngaphandle kwalabo eyayibambisene nabo ngaphambili kububusi obuhlanganyelwe [1]
Okhethweni lomhlaka-22 Ephreli 2009 i-ANC yagudlulwa esikhundleni igudlulwa yi-DA, eyathatha amavoti angama-51.46%. [2] Lolu khetho lwaba ngolokuqala ngqa selokhu kwaphela ubandlululo lapho iqembu lathola amavoti eningi kwisifundazwe. Umholi we-DA uHelen Zille wathatha isikhundla sikaLynne Brown njengoNdunankulu ngomhlaka 6 Meyi 2009. [3]
Ngokhetho lwangomhlaka 7 Meyi 2014 iDA yaqhubeka nokuthola amavoti amaningi esifundazweni, yenyusa iningi lamavoti ayo laya ku-59.4%.
© MMXXIII Rich X Search. We shall prevail. All rights reserved. Rich X Search